IWoza eNanda Walking Trail isiqalo se Durban Green Corridor namalunga ayo. Inhloso ukuletha izivakashi eNanda futhi ibadalele amathuba okuhlangana nomphakathi. Kunezi tolo ezincane eziningi, izindawo zokuqeda ukoma nezinye izinhlobo zamabhizinisi nabaphisana ngezimpahla eWoza eNanda Walking Trial. Bonke bancengwa iqembu lephrojekthi yethu, kodwa abanye abafunanga ukufakwa kule webhisayithi ngezizathu ezithile, isibonelo, ngoba azimukelekile izivakashi. Amabhizinisi angezansi onke ayazemukela izivakashi kodwa izinhlelo kufanele zenzeke ngaleyo ndlela.

Pepe’s Tuck shop
I-Tuck shop ka Pepe
Idilesi lomgaqo: 603 Bhambayi, iNanda 4309
Umuntu ongamthinta: Mandla Hamilton Ntshingila
Inombolo ongayithinta: 083 999 7856
“Bengidayisa amaswidi namashibusi, umphakathi wayingitshela ukuba ngiqhubeke futhi ngidayise izinto eziningi, lapho ngakhetha khona ukuvula ituck shop ngo 2012. Izivakashi zimukelekile, ukubhuka kungenziwa abantu aba-15 uma bezohlala, ngaphandle uma bezothatha behambe. Sivula ngo 06:00 sivale ngo 21:00. Izinsuku ezi-7 ngeviki” Mandla Ntshingila
Ohlange Rock Junction- ithaveni kaNjomane
Idilesi lomgaqo: E2068 John Langalibalele Road, ohlange iNanda 4310
Umuntu ongamthinta: Bheki Mhlongo
Izinombolo zokuxhumana
Ucingo: 031 519 1014
Umakhalekhukhwini: 083 522 8331
“0hlange Rock Junction iresturanti lapho ungathenga khona iziphuzo, sinane shisa nyama. Indawo eyisitezi esithathu sifaka ithaveni, i-bar, nendawo yabantu ababalulekile (VIP). Uma uphezulu ukwazi kahle ukubona izindawo eziseduzane. Indawo ivikelwa ngamakhamera futhi iphephile. Ibhizinisi lathuthukisa futhi lakhuliswa yi thavani kwaba ishisa nyama kwaba indawo yama VIP. Ibhizinisi laqalwa ugogo wami, ngaze ngalithatha mina ngo 1999. Ngathola usizo kubantu emphakathini nase zweni futhi nomasipala okunguwona owafeza impumelelo okumanje izinkampani ziyafisa ukusixhasa. Kuyi- Brochure kamasipala futhi. Asikaze sibe nazo izinkinga njengoku tshotshelwa izigebengu endaweni. Inking nje iyodwa eyokushoda kwamanzi ngesinye isikhathi evikini” Bheki Mhlongo
Izivakashi zimukelekile, kodwa bangadlule ku-100 abantu. Ukubhukha indawo kuyenziwa. Indlela yokugqoka ayibalulekile. Umuntu angagqoka noma kanjani. Izivakashi zingafika kusukela ngo 12:00 kuze kube ukuhamba kwesikhathi.
UMuziwokuthula- Inyanga yomdabu
Umuntu ongamthinta: uMuziwokuthula Thusi
Idilesi lomgaqo: 642 Dube Village, iNanda 4309
Inombolo ongayithinta: 073 751 7515
“Nguyi sabgoma, ngiyinyang. Ngaqala ngo 2002 ukulapha ngamandla amadlozi, isikhathi esiningi abantu abaningi bayasinda uma belashwa yimina. Ngafunda nokuhlanganisa amakhambi ndawonye ukusiza abantu abadinga usizo. Izinkinga engihlangabezana nazo ukuthi abantu bafuna usizo ngezinto engingahlangani nazo, isibonelo i HIV. Umuntu ulindela ukuthi ngimlaphe kodwa azi kahle ukuthi alikabi khona ikhambi lalesi sifo. Izingqinamba engibhekana nazo ukuthi abantu abangithembi. Ngingacela ukuthi uMasipala ungifakele ugesi endlini yami. Anginawo amandla.
Izivakashi zimukelekile. Ukubhukha kuyenziwa ukuze ngizohlela isikhathi. Zingadluli ku-15 izivakashi. Bangagqoka noma ngayini entofontofo, izikhathi ezivulelekile kusukela ngo 09:00 kuya ku 18:00. UMsombuluko kuya kuMgqibelo. Izivakashi zingabona ukuthi ngiwahlanganisa kanjani amakhambi ukwakha imithi yokulapha, bangabona futhi ukuthi ngixhumana kanjani namadlozi” uMuziwokuthula Thusi.
I-African Queen Salon
Izinwele zamakhosazane ase- Afrika, izinzipho, izinkophe
Idilesi lomgaqo: 490 Juba Blose Street, Bhambayi, iNanda 43010
Igama lomuntu ongamthinta: Cecilia Londiwe Mbuyisa
Izinombolo ongazithinta: umakhalekhukhwini: 082 718 1077, ucingo: 031 519 0857
“Ngaqala ibhizinisi ngo 2007. Ngangikuthanda ukuluka izinwele yingakho ngakhetha ukuqala ibhizinisi. Ngangiluka izingane zesikole lokhu okwakubizwa nge (sinuphi). Abantu abaningi babengena ngakho ngacabanga ukuvula ngacabanga ukuvuka isaloni. Abantu engibalukayo bahlezi bejabulile, angizitholi izikhalazo kodwa abantu bayabuya liqhubeke ibhizinisi. Izinkinga ezinkulu ukuthi abantu bomphakathi abafuni ukukhokha ngoba bayangazi, ngesinye isikhathi kufika abantu abaningi, angikwazi ukubamukela bonke. Ngingathanda ukuthola usizo futhi nendawo enkundlwana lapho ngingenza khona ibhizinisi lami ngoba ngisebenzela ekhaya futhi ngiyaphazamiseka. Izivakashi zingabhuka ngaphambi kokuba zifike. Ngingamukela abantu aba-5 noma ngaphansi kuya ngemi luko yabo. Ngivula ngo 10:00 kuya ku 21:00. UMsombuluko kuya kuMgqibelo. Izivakashi zingathula isipiliyoni ngomsebenzi engiwenzayo nokuqinisekisa ukuthi izidingo zabo ziyabhekwa” uLondiwe Mbuyisa.
I Tuck shop ka Tete
Umuntu ongamthinta: Nonhlanhla Buthelezi
Idilesi lomgaqo: Lot 952042 Street, Dube Village 4309
Inombolo ongayithinta: 073 073 7829
“I tuck shop ka Tete idayisa iziphuzo ezibandayo, amashibusi ashisayo, amakhekhe, amanikinesi, ama-hot dogs. Yafakwa ngo 2006 ubaba wami, wayedayisa amagwinya, kwakuphithizela kakhulu ngalesiya sikhathi. Izinkinga ukuthi baningi abantu abadayisayo endaweni. Izivakashi zimukelekile” Nonhlanhla Buthelezi
Indawo kaThami yokudlela
Umuntu ongamthinta: Thamsanqa Albert Mkhize
Idilesi lomgaqo: 267 Dube Village iNanda, 4310 (eceleni kwelayibhulari eli-olintshi)
Izinombolo ongazithinta: ucingo: 031 518 0256
Umakhalekhukhwini: 083 710 5582, ifekisi: 086 660 5582
Imeyili: ak.trading cc@ gmail.com
“indawo ka Thami yokudla iresturanti yokudla okusheshayo futhi nohamba nacho. Yafakwa ngo 2010 uThamsanqa Mkhize. Kusukela kunendebe yebhola lomhlaba ngabona ithuba lokuqala iresturanti yami ngendawo yokudlela ukusiza izivakashi ibhizinisi labukeka lihamba kahle kuze kube yimanje lisaqhubeka. Sibasiza ngezingxenye zezindlu, imingcwabo, imishado, amalatshi, imicimbi yomphakathi, amabhulayi, ama-spit bhulayi, ukudla kwezandla.
Izivakashi zimukelekile. Izikhathi zokuvula kusukela ngo 09:00 kuya ku 16:00, uMsombuluko kuya kwiSonto. Izivakashi zingagqoka noma ngayini ezithanda ukuzigqoka. Ukubhuka kufanele kwenziwe ngemeyili noma uthinta noma iyiphi inombulo ekhonziswe ngenhla. Izivakashi zingathola isipiliyoni ngokudla kwethu okumnandi okuhlukahlukene, nokuphatheka kahle futhi nangendlela” Thamsanqa Albert Mkhize.

Kwamngoma Tuck shop
I tuck shop yaKwamngoma
Idilesi lomgaqo: 6116 street 109398, iNanda 4309
Umuntu ongamthinta: uNonhlanhla Mngoma
Inombolo ongayithinta: umakhalekhukhwini: 079 567 0760
“I tuck shop yafakwa ngo 2005 ngu Sara Ntomile Mngoma. Isitolo sihlezi sisebenza, umphakathi uyasisiza kakhulu. Izinkinga esibhekana nazo ezamasela agqekeza indlu, kwenzeka izikhathi ezintathu lokhu okucekela ibhizinisi lami phansi. Izinkinga esibhekene nazo njengamanje ukulungiswa kukagesi kanye nokushoda kwamanzi. Umasipala uzosiza ukuvala izimbobo emigaqeni kanye futhi nokenza izindlela zokulungisa” Nonhlanhla Mngoma
Lonke uhlelo lwezivakashi lwemukelekile futhi umnikazi uyazinikelela ukubathatha bayongenela izinhlelo zesoto lakhe.
Ucwaningo nezithonbe ngu Loyisa Ntsalaze, yahlanganiswa ngu Sabine Marschall ngo Ndasa 2014