Igama lami ngingu Nkanyiso Cedric Dlamini ngineminyaka engu-22 yobudala, ngazalelwa KwaMashu kodwa ngakhulela eNanda. Ekhaya sibawu 9 umasiphelele ngihlala nabazali bami bobabili nezingane eziwu 7, mina ngingowesithathu wokuzalwa ezi nganeni zasekhaya
Kwiyihlazo elikhulu ngokwesintu ukukhulelwa kwentombazane ingashadile.Uma intombazane ikhulelwe ingashadile kufanele lowo oyikhulelisile akhokhe inhlawulo kubazali bentombazane.Uma kutholakala ukuthi intombazane ikhulelwe ekhaya kuyaye kubuzwe kuyona ukuthi ikhuleliswe kwabani isibongo ukuze bakwazi abazali bayo ukuyiqhuba bayiyise kulowomuzi.Uma kuqhutshwa intombazane kuvukwa ekuseni ngovivi , kuhanjwe ukuze bafike kubokamfana kungakavuki muntu. Lokhu kusuke ukuze bamfice umfana engakathathi izindlela zakhe.
Kodwa ekhaya saquba ngenye indlela, usisi wami omdala ohlala eGoli wakhulelwa ngo-2009 akatshelanga muntu kwaze kwafika isikhathi sokuthi athole umntwana kwaba ilapho esesazisa khona. Ubaba wathumela umama ukuba aye eGoli ayozwa ukuthi kwenzekalani, umama wabuya esephethe umntwana kadadewethu nezindaba zokuthi umfana uyasifuma isisu futhi uyathembisa ukuthi uzovela ekhaya akephe inhlawulo futhi ageze umuzi wakwaDlamini. Kwathi ngonyaka wama-2011 umfana wafuna ukuvela ekhaya azo ngokhokha inhlawulo , ubaba wami wathi umfwethu omdala nami ucela sebenxenye yezenxoxo zokukhokha inhlawulo ngoba ubaba akasenabo abafowabo abaphilawo ezihlobo zihlala kude nathi zehlala e-Eastern Cape ingakho saba inxenye yezinxoxo nomalume wami naye wayekhona.
Umfana wathumela abantu abazomela ababili besuka eGoli kwaginda ukuba umfwethu omdala ayobahlangabeza e- Durban Station ukuze abakhombise ekhaya , bafika basebingelela sangavuma ngoba wathi umalume singavumi baze basinike imvulamlomo sathula baze bayikhiphi imvulamlomo. Kodwa ngokwazi kwami ayikishwa imvulamlomo uma uzohlawula ngaphandle uma uzolobola kodwa sabafuna thina ekhaya. Bayikhipha imali bayibeka pansi ngayithatha mina ngayibala ngavuma ngekhanda ngathi iyona lemali ebesivumelene ngayo. Zabeseziqala izinxoxo ubaba wababuza ukuthi baze ngani kwaDlamini bathi bathunywe undodana wabo ukuthi bazokhokha inhlawulo bageze umuzi wakwaDlamini.
Ubaba wathi kubona ufuna izinkomo ezimbili nembuzi eyodwa, inkomo yokuqala ingeza muzi ekunkomo kababa eyisibili inkomo yomqhoyiso kamama imbuzi yona eyokugeza amantombazani endawo asayizintombi nto. Kodwa lezinsizwa ezimbili ezazithunyelwe umfana ziyakwazi ukuzi khulumela zakhokha izimbuzi ezimbili nenkomo eyodwa esikundleni sezinkomo ezimbili nembuzi eyodwa basithembisa ukuthi undodana wabo uyasithembisa ukuthi uzobuya ezolobola. Mina nomfwethu sasingazi lutho sasizithulele, umfwethu wayelibe ebhala pansi konke ekuvunyelwana ngakho mina ngibale imali abayikhokhayo ngiyidlulisele kubaba.
November 2012
This post is also available in: English
From